SOUTH AFRICA'S TV WEBSITE
SIGN IN SEARCH MENU
SOUTH AFRICA'S TV WEBSITE


Gada ungakhululeki kakhulu ezinkundleni zokuxhumana

Written by UMshumayeli from the blog #NginguMshumayeli on 13 Dec 2016
Favourite this post


Uyazi izinkundla zokuxhumana ziyinto enhle nebalulekile uma uzozisebenzisa ngokuyikho. Kuningi ongakuzuza lapha ezinkundleni zokuxhumana esingabala kukho ukwazi kabanzi ngempilo kanye neziyalo ezinhle ezingenza impilo yakho ithuthuke.

Kubalulekile-ke ukuthi uphinde ugade indlela okhuluma ngayo nalabo ongabangani nabo kulezi zinkundla. Khumbula phela ukuthi abanye awukaze ubabone ubazela khona lana, ngakho-ke awukwazi ukuthi ungavele usho noma yini kumuntu eningadlalanga naye umagalobha noma umacashelana. Ukwenza isibonelo nje; awukwazi ukudlala ngokuthi usho izinto ngophathini babangani bakho ongakaze ubabone. Umuzwe nje umuntu ethi; 'Hheyi wamubi umuntu wakho. Wamkhetha ugqoke amadimazi yini.' Ubona umubiza nje kodwa awumazi ngesiqu samehlo kwamngani lowo umazela la ezinkundleni, kwasibongo sakhe uyasikhohlwa.

Angiyiphathi-ke eyolimi. Kunabantu abavele bakhulume nje banganaki. Musa ukukhuluma amagama anenhlamba noma alumelayo ngoba laba bantu akubona bonke okhule nabo nikhuluma noma ikanjani.
Enye into engike ngiyibone siyenza singabantu ileyo yokwahlulela nokukhuluma amagama alumelayo kosaziwayo. hheyi ziyathukwa izingane zabantu angikhathali. Umuntu akhulume ashiye angalazi ngosaziwayo othile kodwa ebe engazi nokuthi yini igama lesitolo esiseduze kwangakubo. Uma ungazi ukuthi lo muthu omhlambalazayo uhlalaphi wazi ngani ukuthi akekho umngani wakho oyisihlobo sakhe kulezi zinkundla?

Hhayi kabi. Angisho ukuthi abantu abangacobani noma badlalisane kodwa kuhle ubuye ubhekisise ukuthi lowo muntu odlalisana naye nazana kangakanani. Kwazi bani nje mhlampe lo mubiza ombonayo wena uthi uyadlala, ngelinye ilanga uyonqwamana naye endaweni lapho oyobe udinga khona usizo. Phela kulezi zinkundla kugcwele lonke uhlobo lwabantu kanti sinjalo nje abantu sibenza abangani ngoba sibuke izithombe zasichaza. Bangaki nje abangani bakho obaziyo ukuthi benza misebenzi mini? Uke uzixake nje ngokufunda amaphrofayili abantu ngaphambi kokubenza abangani bakho?

Njalo ngaphambi kokuba ubhale okuthile khumbula lokhu: Ngabe lo muntu ozofunda le nto umazi ngokwanele ukuthi le nto oyishoyo ngeke ayithathe kabi? Ngabe ulimi olusebenzisayo lungolwamukelekile? Cabanga nje usukhuluma budlabha kanti ukhuluma nomuntu oyobe ekuhlolela ikhono lomsebenzi ngelinye ilanga. Gwema amagama anenhlamba nahlambalazayo. Abantu bayanaka futhi into embi oyenzayo ayidluli kalula kubantu. Hlakanipha ungcweke ngendlela enesisoka lapho ukhuluma nabantu.

 



Comments


Only TVSA members can reply to this thread. Click here to login or register.






LATEST ARTICLES

New on TV today: Friday 11 April 2025

Jon Hamm stars in Your Friends & Neighbors on Apple TV+ as BBC Earth invites Sue Perkins Into Alaska.


Generations character portrait: Thuli Phongolo as Namhla Diale

Namhla's back from the overseas and wants to be Jack's other glove.


New! Against the Wall Podcast with Skeem GP Teasers

Guests include Bujy Bikwa and Gaz'lam, Z'bondiwe and Rockville actor Israel Matseke Zulu, who spent three years in prison.


New on TV today: Thursday 10 April 2025

Netflix holds up a Black Mirror once more and S3 investigates a Murder in Mayfair.


Why TVSA no longer reports the TAMS

The Broadcast Research Council pulls TAMS Top TV Shows lists amidst DStv discrepancy.


New! Podcast and Chill Teasers - April 2025

Elon Musk's father Errol capitalises on his son's fame and Tumisho Masha talks about his custody battle.


New on TV today: Wednesday 9 April 2025

S3 searches for a Superfan as MacG's Podcast and Chill makes its debut on Wethu.


New! People Need Comedy Teasers - April 2025

Skhumba Hlophe, Sol Phenduka, lesbian clubs and aging. Guests and topics coming up.


New on TV today: Tuesday 8 April 2025

Reality low Stina premieres on Mzansi Magic and Laataand by Rian returns to kykNET.


The Count: Love and Honor Teasers - May 2025

Series finale! Mariana is overwhelmed with memories as she reads her son’s article about Alejandro Gaitán.

LATEST SITE ACTIVITY


More activity at TVSA Central



LATEST SOAPIE TEASERS



LATEST SOAPIE TEASERS





×
×

You browser doesn't have Flash, Silverlight, Gears, BrowserPlus or HTML5 support.