Usesintshelwe ohlelweni lwasekuseni uXolani Gwala ongumsakazi weTalk radio okungumsakazo owaziwa ngezinhlelo zezingxoxo. OkaMphephethwa ubevele esebenza kuwo lo msakazo enza uhlelo lwantambama obelwaziwa ngokuthi yi-Afrternoon Drive with Xolani Gwala. Lezi zinguquko zenzeka nje kulandela ukuthatha umhlalaphansi kukaJohn Robbie obekunguyena oshayela lolu hlelo njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusuka ngehora lesi-6 kuya kwelesi-9 ekuseni.
Lo msakazi ongowokuzalwa eMpendle esifundazweni iKwaZulu-Natali ungumsakazi osemnkantsh’ ubomvu impela njengoba eseminyaka ebalelwa kweyi-20 ekulo mkhakha wezokusakaza. Uke wasakazi waphinde wethula izinhlelo ezinohlonze esingabala kuzo uhlelo lwezingxoxo lakwaSABC 1 olalwaziwa ngokuthi yi-Asikhulume/Let’s talk, PM Live talk show emsakazweni iSA FM kantu futhi uke waba umfundi wezindaba oKhozini FM.
Lezi zindaba ziza nje besekuqalile ukuphikisana kubalaleli balo msakazo ngokuthi ngubani ozoshayela lolu hlelo lwasekuseni. Kukhona abanye abebethwele ngeqoma uStephen Grootes ekutheni kube nguye oqhubeka nokushayela lolu hlelo njengoba eke wathi ukubamba isintambo kancane ngesikhathi uJohn esesekhefini. Ngemuva kokuzwa lezi zindaba, abalaleli balo msakazo bebebhala bebhalile ezinkundleni zokuxhumana behalalisela le nsizwa yaseMpendle esizakhele ugazi ngokuba umethuli wezindaba onohlonze. Okumenza abe nogazi kangaka indlela akwazi ngayo ukubuza imibuzo kulabo abasuke bemenyelwe ezinhlelweni zakhe.
Lolu guquko akulona lodwa oluzobonakala kulo msakazo. Ziningi nezinye izinhlelo ezishintshe abasakazi njengoba u-Eusebius McKaiser obebambele uRedi Tlhabi ohlelweni olungena ngo-9 kuya ku-12 emini esezolushayela loluhlelo ngokugcwele. URedi obesekhefini ngemuva kokubeletha (maternity leave) yena usezongena esikhaleni sikaXolani Gwala ohlelweni lwantambama.
Nakhu okunye ongakuthokozela ukukwazi ngo Xolani Gwala
- Wazalwa mhla zingama-25 kuJune ngonyaka we-1975 endaweni Yasempendle ngaphandle kancane kwaseMgungundlovu.
- Waphothula umatikuletsheni eSt Marys Secondary school.
- Wafundela iziqu ze-Public Relations Management eNatal Technikon (esiyaziwa ngokuthi iDurban University of Technology.
- Nguye omdala kwabo kanti onabafowabo abathathu nodadewabo oyedwa.
Since 23 Dec 16 this blog has had
1 Articles published
1814 Post Views
1257 Blog Views
0 replies to posts
This blog is ranked 1174/4720 blogs on TVSA.
Latest Posts
-
23 Dec 2016 12:11
(0 replies)